e398c28a cc66 42b4 85b1 cbede776a747

Omama Abahlobisi Bomhlaba bazokushiya nesifundo nomlando

7562f336 1e05 4a8e 9414 9a8a8b2da4e7
e398c28a cc66 42b4 85b1 cbede776a747
f9a24e86 72b6 4a19 91dc 638e611cad5e

Omama Abahlobisi Bomhlaba bathembisa into yamehlo mhlaka 11 kuya ku 13 kuNdasa ePlayhouse. Lomdlalo weshashalazi usilndisa ngempilo nenhlalo yomama ababa ngabokuqala ukusebenza onqenqemeni lwasolwandle, isemakethe nase Berea, bedayisa ubuhlalu nezimpahla zokuhloba zesintu. Nnamanje laboMama basayibambile. Yibo kanye abaxoxa udaba lwabo. Bakhulise imindeni bakha imizi kwafunda izingane okuyimanje ezinye zazo zisezibhedlela ezinkulu, ezinye abameli ezinye othisha njalo njalo, ngayo belu imali yezithukuthuku zoMama Abahlobisi Bomhlaba.

Kulomdlalo baveza ubuhle nobubi, ubunzima nezikhathi ezimnandi zangaleyaminyaka befika kulezizindawo. Lomdlalo oqale waba yincwadi ebhalwe yiNdlovukazi Mapule Ngobese manje usengumbhali wawo usuyishashalazi, kanti uqondiswa uMusa Hlatshwayo onamava amakhulu ekuqondisweni kwemidlalo futhi osezakhele igama nakumazwe angaphandle ngemisebenzi yakhe. Ngo 2023 lomdlalo waqondiswa nguDkt Mbongeni Ngema kwathi ngonyaka ka 2024 lomdlalo wabe usuqondiswa ngumakade ebona kwezobuciko uMnu Jerry Pooe. Lomdlalo ulethelwe abantwana besikole. Ngakho kuyanxenxwa ukuba othisha nhloko noma ngabe ubani onothando lwesikole sakhe ukuba angaputhwa yilelithuba lokunikeza abantwana umphako ongabali ongumlando. Ngemininigwane ungashayea lenombolo ethi 0761209023.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *