Busisiwe Zondi
Bekusindwe ngobethole emcibini wokubuyiswa kwesimilo sabantwana noma sithi intsha. Umcimbi ohlelwe yi KZN Women Authors Forum eThekwini. Kukhuthazwa ukuthi intsha isebenzise izimo zayo zempilo ukubhala owayo umlando. Obeshayela uhlelo uNkz Siibu Shangase obe esebanika ithuba lokukhuluma okungaphakathi kubo. Kucacile ukuthi ukube kuya ngabo ngabe amaphutha okukhuliswa ngendlela yabazali yokubasabisa ngenduku nokuthetha bebe befihla iqiniso, ngabe yalungiswa kwakuqala. abazali bona bakhulume bezwakalisa ukuzisola ngokungavuleleki kwamehlo phambilini ngezindlela zokukhulisa abantwana. Kodwa manje bathi bazimisele ukuguqula leso simo bafunde nokukhetha abantwana babo kunomuntu wangaphandle. Lezi ezamanje ziyaqubisa nolwazi eziluthole ngaphandle, wena mzali ozitshela ukuthi uyifihlile. Uma usuthi uyakhuluma, zibe sezikuphikisa kube engathi ziyadelela okanye azihloniphi kanti cha, indlela nesikhathi esikuso kushintshe kakhulu. Indlovukazi Mapule ongumsunguli we KWAF akaliyekanga ithuba lokudumisa uMdali kwangathi kusenkonzweni, uthi lokhu ukwenza ngoba uyazi ukuthi yiyona ndlela neqiniso le yokuqala nanoma yini oyenza epilweni. Isigaba sesibili kube sekuba nethimba elikhethwe ngokohambo lwempilo yabo ukuba bahlahle indlela kwintsha nakuwo wonke umuntu obekhona, ngokulandela isisho esithi “indlela ibuzwa kwabaphambili” . Uqophekile umlando la abantwana bedansa bejabule bekhuluma ngokuvuleleka nabazali ngaphandle kokwesaba. Lomcimbi uphinde wavula ithuba lomncintiswano wokuthi wonke umuntu abhale indatshana ngolimi lweSiZulu, kunemiklomelo emihle ezotholakala.



