Indumalo ibibhalwe ebusweni kumsakazi INdlovukazi Mapule ebona indlela umphakathi wase Ward 38 ungaphumanga ngobuningi embizweni ebibizwe nguMfundisi Nyasulu noMama wakwakhe uNokuthula Nyasulu ngokubambisana nomsakazo Inanda 88.4FM. Lomhlangano ubumayelana nokuletha labo abaqokwe amaqembu abo ukuba bangene kwesobukhansela ukuba bazobhekana nemibuzo evela kumphakathi. Umphathi wakulewadi bekumele uze uzozibuzela kulamakhansela akhethiwe ukuthi yini abayithembisayo, nanokuthi beza naluphi ushintsho.
Yize kuqale kwaba nomsindo ngenxa yokuthi abanye bebengaluqondi loluhlelo ukuthi luzosebenza kanjani. Obengumqondisi waloluhle uNKZ Gugu Madonsela uzame ngokusemandleni ukudonsa isporo sibuyele emgqeni. Obekudingeka, ukuthi umphakathi usho izingqinamba onazo ewadini, ebese “amakhansela” ayasho ukuthi azozilungisa kanjani lezo zinkinga uma kungena wona. Izinhlangano ebezimelekile yiANC, DA, ATM, ne Africa Mayibuye. I-MK, EFF kanye ne Action SA, ngokusho kwabahleli, nabo babethunyelelwe isimemo kodwa bangaphendula abanye babo.
Yize bekunjalo, kodwa abkubanga nadlame. Bagcine benezimfuno abavumelana ngazo ngale kokubheka ukuthi ubani obeke lelophuzu. INdlovukazi Mapule naye ohlala kuwo uWadi 38, uzwakalise okukhulu ukudangala ngenxa yokungayishayi ndiva eyalezingxoxo ezibaluleke kangaka. “Njengomhlali wase 38, bengithi sizogcwala impela ukuze laba abakhethiwe bathi noma bengena kube wukuthi sihlalile nabo sabacacisela ngesifuna kwenzeke kule wadi yethu. Kunalokho elinye lamaqembu liviliyele lazodlula ngamatekisi ngasehholo ebesikulona. Ngokwami ngibone engathi siyapenselwa okanye siyadelelwe angazi ngobani. Kodwake, kusizile konke lokhu ngoba sengibonile ukuthi ngisho kungathiwa kuwinani, ayisoze yasizakala leweadi ngenxa yokuthi abantu bathanda inhlangano, bathanda nomuntu, bayakhohlwa ukuthi into ebalulekile, ukuhambiseka kwezingqala sizinda ewadini”, kusho yena.
UMuzi Thusi naye ungene ezinkundleni zokuxhumana washo indlela aphoxeke ngayo ngokuthi lingagcwali ihholo sekusondezwe ithuba elihle kanje lalezizingxoxo. ” Ithuba layizolo belibaluleke kakhulu ukuze nithi nivota nibe nazi ukuthi ubani ekufanele nimnike ithuba. Okubuhlungu ukuthi abantu abavimba intuthuko nenqubekela phambili kubantu, yibo abazimisele kabi ukuthi bayo thatha uMaspala. Konke lokhu okwenziwayo, yinto ekade yahlelwa yenziwa kancane kancane ngenhloso yokuthi uma kufika ukhetho luka 2026 nivote ngentukuthelo nikhethe abathize. Njengoba ngikhulumanje kunabantu abayohlanganisa u 2 years badilizelwa o 4 room KwaMashu bezokwakhelwa imixhaso emisha. Ngapha thina sibamba abantu bakwa Maspala kuntshontshwa ojojo. Zibuzeke ukuthi ukhona yini umuntu onga risker ukuxoshwa kwa Maspala ngenxa ka jojo ka R6000? Impendulo ithi cha, but lokhu babekwenza ngoba bakwi mission yokwenza sure ukuthi abantu ababi namanzi”, esho.
Kukhona konke lokhu, kodwa umphakathi obukhona uthe ulithakasele lelithuba, bathi bayafisa futhi ukuthi lingagcini kodwa kuqhutshekwe nasemuva kwalo ukhetho. Bekukhona nabefundisi, nabo bezosho ukuthi noma ngabe bengabefundisi, kodwa bangabahlali baku wad 38. Abakade bekhona nguBhishop Jwara webandla iZCC eDamini, noMfundis N Ndlovu ehamba noMama Mfundisi S Ndlovu bebandla i-City of Grace ePholani




