1002786608

Ababhali abancane bancele kogwansile

Usuku lwabesifazane lubungazwa ngomcimbi obizwa nge Young Women Writers Symposium eyenzelwe eWushwini Pan African Centre KwaNgcolosi. Laphaya INdlovukazi Mapule itshele intsha ngokubakuleka komlando womuntu ngamunye. Wathi kungabe ukhule ngaphansi kwesimo esinzima, leso simo yiso kanye lesi okumele uxoxe ngaso. Wathi akekho owazi umlando nongaxoxa udaba kwakho kangcono kunawe. Umcimbi uqhubeke ngezikhulumi ebezikhuthaza nangendlela yokuphikelela phambili noma kunzima. Akawavali umlomo UMnu Jerry Pooe naye obethamele loluhlelo, ngobuhle bokuhlangana kwabadala nabancane. Nokudla kwendlebe okuphakwe uQhawelenkosi. Abasalanga ngaphandle OMama Abahlobisi Bomhlaba, nabo bangena eshashalazini kwashuba.

Kuphinde kwathulwa ngokusemthethweni incwadi kaSisi Thandekile “TS” Ngcobo ethi YOU HAD OTHER PLANS – Healing Divorce Wounds. Echaza uTS Ngcobo ngalencwadi uthi uyibhalele ukutshela abantu ukuthi bangavumi ukududuzwa umuntu ongabazi ubuhlungu bakho. Lokhu kuhambisana nomlayezo weNdlobukazi othi “Udaba kwakho alukhulunywe wuwe”

1002786608

Indlovukazi Mapule

1002786658
1002786668
1002786864
1002786899
1002786971

UMbhali uTS Ngcobo

1002786900

UQhawelenkosi

1002787031

Ncumisa usonkondlo

1002787192
1002787202

Nondenisa Secondary School ibonisa umdlalo ngempilo yezikhathi zobandlululo

1002787316

MaNgcobo- Umbhali

1002787367

Thimoty Zulu – Opera Singer

1002787545

Baba Jerry Poe